cft_logo_animate.gif (16428 bytes)

Christians for Truth

       

 


AGM
CFT Beliefs
Christian News
Newsletter
Q & A
Actions
Articles
Links
Contact
President
Audio
                        

Bengicabanga Nje
kubhaliwe ngoFano Sibisi (NgesiNgisi lapha - Just a Thought)

 

Amaxoxo asifundisa ukuthi uma uthi ulindele ukuba nezwi lomzwilili uyokufa ungasahayanga neyodwa ingoma. 3 December

Abantu bangayithatha impahla yakho kodwa abakwazi ukuthatha isibusiso sakho. 3 December

Ukuthembuza kwabanesithembu kuyohlala kungubushudushudu bomdonsiswano ngoba umuntu nomuntu unenhliziyo eyodwa qhwaba. 1 December 2009

Ngesikhathi sikaNowa abantu babethi uneconsi kodwa kwathi lapho sebeficwe amaconsi abanzi kazamcolo kwacaca ukuthi yibona abanamaconsi. 29 November

Waze wahlonipheka, wathandeka umuntu omkhulu uma embethe ukuthobeka. 29 November 2009

Esiphambanweni uSathane wayethi umjijimeza umjuqa okokugcina uKristu kanti yilapho esezigwaza ngowakhe umkhonto. 17 November 2009

Likuphi leli vesi elicashunwa abaphuzayo abathi lithi, "Wophuza uzilinganisele?" 17 November

Kukhona okujulile ebuqwayizini kunokudayisa umzimba. Ozodayisa umzimba kumelwe aqale ngokudayisa umphefumulo wakhe. 17 November

Kuyishwa eliphindiwe uma ukuhlupheka sekumhlubule ubuqotho umuntu. 13 November 2009

Amanga amlenzemunye, futhi uma esedaluleka amaqiniso nalowo mlenzana owodwa ubaleka uzephule amathambo. 13 November 2009

Uma sekuthi asizinwebe phambi kwabantu asosheshe sizikhumbuze ukuthi ukuzinweba kwaqhumisa ixoxo. 8 November

Uma amehlo uhlale uwathe njo ezibusisweni zabanye abantu uyophuthelwa isandla esilethe ezakho izibusiso. 8 November

Iqiniso liyayiqinisa indaba, amanga ayiphendula ibe uwangala, ihaba ligcina seliyenze yaba yihlaya. 7 November

Uma usasaphaza ifa awubasweli abazokusaphazisa lona kodwa uma ususezingulubeni abantu bakekelisa okwelanga lasebusika. 7 November 2009

Abasha banamuhla abayihhoyi eyokuthi umlilo uyashisa uma bengakazibasi nabo ezabo izandla. 2 November 2009

Umuntu ohlakaniphile uthola izifundo zamahhala ngokufunda ngamaphutha abanye abantu. 2 November 2009

Uthando olwakhelwe phezu kwenkohliso lufana nesingcingci sezimuzimu esinembobo enanyekwe ngodaka. 2 November 2009

Indaba ka-Amnoni noTamara ifakazela iqiniso lokuthi umdlwenguli akadlwenguliswa uthando, udlwenguliswa inkanuko nenzondo. 2 November 2009

Samsoni, uma uDelila esekhihla isililo ebalisa ngokuthi kanti awumthandi wobaleka uthi galo yephuka. 30 October 2009

Ugombelakwesakhe akawazi umbuzo othi, "Mhlobo wami, ngingakusiza ngani na?" 30 October 2009

Umuntu oyishaya emuva ayishaye phambili ngeke ayibone inqubekelaphambili. 30 October 2009

 

 
revolv.gif (20906 bytes) CFT Home